Kudingeka imvume kadokotela wezilwane ukungenisa izilwane kanye nemikhiqizo ezilwane eRiphabliki yeNingizimu Afrika.
Kukhona inqubo yemithetho okumele ilandelwe maqondana nezilwane kanye nemikhiqizo ezilwane. Ngenxa yokuthi izidingo kwezempilo zishintsha njalo, sicela nixhumane nabophiko lobuqondisi bempilo yezilwane iDirectorate Animal Health ukuthola izidingo zakamuva.
Sicela Uqaphele: Umngenisi womkhiqizo, unomsebenzi emahlombe akhe wokukhokhela amashaji ebhangi, kanye namashaji eBhangi langaPhandle uMnyango ngeke wakhipha imvume uma inani eligcwele elingu-ZAR110.00 lingakakhokhelwa.
Kwisimo lapho wenza isicelo egameni lomunye umuntu, sicela uqinisekise ukuthi ukhokha egameni lalowo muntu noma leyo nkampani.
Sicela uchaze kwifomu ukuthi ngabe imvume izolandwa noma kumele uposelwe yona.
Isiteshi sokuhlukaniswa kwezilwane zingahlaliswa nezinye i-quarantine station, eThekwini, okwamanje asisebenzi, kodwa ulwazi lungatholakala ehhovisi lenombolo ethi: +27 31 368 6011 noma ngefekisi kule nombolo: +27 31 337 7469.
Lapho kungeniswa izikhumba ezimanzi noma ezomile kanye nezindondo , ifomu lesicelo kumele liqinisekiswe ngudokotela wezilwane kahulumeni endaweni lapho ifasilithi etholakala khona. Ifomu lesicelo kumele libuye lisayinwe ngomunye kanti futhi lifakelwe isitembu sikadokotela wezilwane wombuso, ozobuye athumele ifomu ngefekisi.
Lapho kungeniswa imfuyo yepulazi ephilayo efana nezinkomo, izimvu, izimbuzi, amahhashi kumele uthole imvume yokuthuthukiswa kwezilwane ngaphambi kokuba kukhishwe imvume yempilo yokungeniswa kwezilwane.
Zombili lezi zimvume zokuqala kumele zinikezwe isikhulu sempilo yezilwane i-Veterinary Official echwebeni lokungena , izivume ezihambisana nesitifikedi sempilo yezilwane se- Isitifikedi sokuqala sikadokotela wezilwane esikhishwa ngudokotela osemthethweni wezilwane ezweni lapho impahla isuka khona esikhishwa yizwe elithumela izilwane.
Isicelo, sivamise ukuthatha izinsuku ezine zokusebenza ukuphetha ngodaba lwemvume, uma udokotela wezilwane esevumele isicelo.
